욥기 25장 Ndebele Bible
Ndebele Bible · 은데벨레어 · 욥기 (Job) · 6절
- 1 Wasephendula uBilidadi umShuhi wathi:
- 2 Ukubusa lokwesabeka kulaye; uyenza ukuthula endaweni zakhe eziphezulu.
- 3 Kukhona inani yini lamabutho akhe? Ngubani okungamphumeliyo ukukhanya kwakhe?
- 4 Pho umuntu angalunga njani kuNkulunkulu? Kumbe ozelwe ngowesifazana angahlambuluka njani?
- 5 Khangela kuze kube senyangeni, njalo kayikhazimuli, lezinkanyezi kazihlambulukanga emehlweni akhe.
- 6 Pho kangakanani umuntu oyimpethu, lendodana yomuntu engumswenya!
Ndebele Bible — getbible.net(CrossWire SWORD 모듈)에서 가져옴 · 라이선스: GFDL · 출처 ↗