시편 106편 Ndebele Bible
Ndebele Bible · 은데벨레어 · 시편 (Psalms) · 48절
- 1 Dumisani iNkosi! Ibongeni iNkosi ngoba ilungile, ngoba umusa wayo umi kuze kube nininini.
- 2 Ngubani ongalandisa izenzo ezilamandla zeNkosi, azwakalise yonke indumiso yayo?
- 3 Babusisiwe abagcina izahlulelo, owenza ukulunga ngaso sonke isikhathi.
- 4 Ngikhumbule, Nkosi, ngothando olalo kubantu bakho; ngethekelele ngosindiso lwakho;
- 5 ukuze ngibone okuhle kwabakhethiweyo bakho, ukuze ngithokoze entokozweni yesizwe sakho, ukuze ngizincome kanye lelifa lakho.
- 6 Sonile kanye labobaba, senze okubi, senza ngenkohlakalo.
- 7 Obaba eGibhithe kabaqedisisanga izimangaliso zakho; kabakhumbulanga ubunengi bezisa zakho; kodwa benza umvukela elwandle, eLwandle oluBomvu.
- 8 Loba kunjalo wabakhulula ngenxa yebizo lakhe, ukuze azise amandla akhe.
- 9 Wasekhuza uLwandle oluBomvu, lwatsha; wasebahambisa phakathi kwezinziki njengenkangala.
- 10 Wasebasindisa esandleni somzondi, wabahlenga esandleni sesitha.
- 11 Amanzi asibekela izitha zabo; kakusalanga loyedwa kuzo.
- 12 Basebekholwa amazwi akhe, bahlabelela indumiso yakhe.
- 13 Baphanga bakhohlwa imisebenzi yakhe, kabalindelanga iseluleko sakhe.
- 14 Kodwa bakhanuka lokukhanuka ehlane, bamlinga uNkulunkulu enkangala.
- 15 Wasebanika isicelo sabo, kodwa wathumela ukucaka emphefumulweni wabo.
- 16 Basebesiba lomhawu ngoMozisi enkambeni, ngoAroni ongcwele weNkosi.
- 17 Umhlaba wavuleka waginya uDathani, wasibekela iqembu likaAbiramu.
- 18 Lomlilo wavutha eqenjini labo, ilangabi latshisa abakhohlakeleyo.
- 19 Benza ithole eHorebe, bakhonza isithombe esibunjwe ngokuncibilikisa.
- 20 Basebeguqula inkazimulo yabo yaba yisifaniso senkabi edla utshani.
- 21 Bamkhohlwa uNkulunkulu umsindisi wabo, owayenze izinto ezinkulu eGibhithe,
- 22 izimangaliso elizweni likaHamu; izinto ezesabekayo eLwandle oluBomvu.
- 23 Ngakho wathi uzababhubhisa, ngaphandle kokuthi uMozisi okhethiweyo wakhe wayemile ekufohleni phambi kwakhe ukuphendula ulaka lwakhe ukuze angababhubhisi.
- 24 Yebo, baleyisa ilizwe elihle, kabalikholwanga ilizwi lakhe.
- 25 Kodwa bakhonona emathenteni abo, kabalilalelanga ilizwi leNkosi.
- 26 Ngakho waphakamisa isandla sakhe emelene labo, ukubawisa enkangala,
- 27 lokuwisa inzalo yabo phakathi kwezizwe, lokubahlakaza emazweni.
- 28 Basebezihlanganisa loBhali-Peyori, badla imihlatshelo yabafileyo.
- 29 Basebemthukuthelisa ngezenzo zabo, lenhlupheko yafohlela kibo.
- 30 Kwasekusukuma uPhinehasi, wenza isigwebo, inhlupheko yasimiswa.
- 31 Lokhu kwasekubalelwa kuye kube yikulunga, esizukulwaneni ngesizukulwana kuze kube nininini.
- 32 Basebemthukuthelisa emanzini empikisano, kwaze kwaba kubi kuMozisi ngenxa yabo.
- 33 Ngoba bacunula umoya wakhe, waze wakhuluma ngamawala ngendebe zakhe.
- 34 Kabazibhubhisanga izizwe, iNkosi eyayibatshele ngazo.
- 35 Kodwa bazihlanganisa lezizwe, bafunda imisebenzi yazo.
- 36 Basebekhonza izithombe zazo ezaba ngumjibila kubo.
- 37 Lamadodana abo lamadodakazi abo bawahlabela amadimoni.
- 38 Bachitha igazi elingelacala, igazi lamadodana abo lamadodakazi abo, abawahlabela izithombe zeKhanani; lelizwe langcoliswa ngegazi elinengi.
- 39 Basebengcola ngemisebenzi yabo, baphinga ngezenzo zabo.
- 40 Ngakho ulaka lweNkosi lwabavuthela abantu bayo, yanengwa yilifa layo.
- 41 Yabanikela esandleni sezizwe, lababazondayo bababusa.
- 42 Lezitha zabo zabacindezela, basebethotshiswa ngaphansi kwesandla sazo.
- 43 Yabakhulula kanengi; kodwa bona bayivukela ngecebo labo, behliswa ngobubi babo.
- 44 Loba kunjalo yabona ukuhlupheka kwabo, lapho isizwa ukukhala kwabo.
- 45 Yabakhumbulela isivumelwano sayo, yazisola njengobunengi bezisa zayo.
- 46 Yabanika izisa phambi kwabo bonke ababebathumbile.
- 47 Sisindise, Nkosi Nkulunkulu wethu, usibuthe sivela ezizweni, ukubonga ibizo lakho elingcwele, ukuzincoma endumisweni yakho.
- 48 Kayibongwe iNkosi, uNkulunkulu kaIsrayeli, kusukela phakade kuze kube sephakadeni! Abantu bonke kabathi: Ameni. Dumisani iNkosi!
Ndebele Bible — getbible.net(CrossWire SWORD 모듈)에서 가져옴 · 라이선스: GFDL · 출처 ↗